Lisesimeni esibucayi iphoyisa elidutshulwe lisemzini walo eThekwini

Durban - Lilwela impilo yalo esibhedlela saseThekwini iphoyisa ngemuva kokudutshulwa kwalo endaweni yakwaSithebe enyakatho yedolobha ngempelasonto.

Leli phoyisa igama lalo ebelingakadalulwa, lidutshulwe esifubeni nasekhanda. Imbangela yokuhlaselwa kwalo ibingakacaci.

Okhulumela abosizo lokuqala i-IPSS Medical Rescue, uPaul Herbst, uthe abosizo lokuqala bathole ucingo ngemuva kwezithuba zabo-06:00 ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe iphoyisa ebelihloma abasolwa ngemibuzo

"Abosizo lokuqala baphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokuthola umbiko ngephoyisa ebelingasebenzi eliditshulwe lisemzini walo. Ngesikhathi befika bathole ukuthi linamanxeba amabili okudutshulwa," esho.

"Belisesimeni esibucayi lidinga ukuxilongwa ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane, kanti liyoqhubeka nokuthola usizo lwezempilo esibhedlela."

UHerbst uthe leli phoyisa lisasesimeni esibucayi namanje esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa aphenya isigameko sokudubula.

 - TimesLive

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 4095 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2787 votes
No, I don't think they need it
36% - 3932 votes
Vote
ZAR/USD
15.29
(-0.52)
ZAR/GBP
21.24
(-0.12)
ZAR/EUR
18.29
(-0.11)
ZAR/AUD
11.81
(-0.08)
ZAR/JPY
0.14
(-0.10)
Gold
1700.44
(+0.04)
Silver
25.20
(+0.16)
Platinum
1128.01
(+0.31)
Brent Crude
69.67
(+3.93)
Palladium
2329.95
(+0.62)
All Share
68271.19
(+0.78)
Top 40
62788.64
(+0.87)
Financial 15
12759.80
(+0.67)
Industrial 25
87613.31
(-0.32)
Resource 10
70801.78
(+2.36)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo