Bulawayo - Lisobishini iphoyisa laseMbiza 16 eKwekwe ngemuva kwezinsolo zokweqa esitokisini esiteshini samaphoyisa eFairbridge kulandela ukuboshelwa icala elingadalulwanga.
UTafadzwa Mpofu, 27, uliphikile icala lokweqa esitokisini ngesikhathi evele ngaphambi kweMantshi yeNkantolo yaseBulawayo uFranklin Mkhwananzi ngoLwesibili.
OLUNYE UDABA:Liphume phambili ecaleni iphoyisa eKZN
Inkantolo ilalele ukuthi uMpofu, owayeyilungu lamaphoyisa ophiko lweZimbabwe Republic Police ngomhlaka-27 Meyi 2015 ngezithuba zabo-19:00, wayevalelwe esitokisini eZRP Fairbridge kanye nezinye iziboshwa.
UClifford Chimuti oyiphoyisa elisebenzela e-ZRP Fairbridge nozakwabo u-Abigail Nyathi babehamba behlola ezitokisini ngezithuba zabo-03:00 bathola ukuthi uMpofu useqile.
UMpofu waboshwa ngemuva kwesikhashana wathweswa icala lokweqa esitokisini.
Akucaci ukuthi wayeboshweleni ekuqaleni.