Johannesburg - Luyasondela usuku lwangomhlaka 9 Septhemba lokuba uMengameli Jacob Zuma akhokhe u-R7‚8m owanqunywa uMgcinimafa, okuyingxenye ethile yemali eyasetshenziswa kuqiniswa ezokuphepha eNkandla.
INkantolo yoMthethosisekelo, esinqumeni sangoMashi, yayalela uMengameli Zuma ukuba akhokhe imali eyonqunywa uMgcinimafa zingakapheli ezinsuku ezingu-45 ngemuva kokugunyazwa yinkantolo.
Funda nalolu daba: Usethathe ikhefu uNdlozi kwezombusazwe
UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela wathola ukuthi uZuma nomndeni wakhe bahlomula ngokungafanele ngesikhathi kuqiniswa ezokuphepha emzini wabo oseNkandla.
UZuma kwaphela isikhathi esingaphezu konyaka engasithathi isinyathelo ngezincomo zoMvikeli woMphakathi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.