Magashule: I-ANC iyaqhubeka nezinhlelo zokubhekana nodaba lukaMahumapelo

Mahikeng – UNobhala Jikelele we-African National Congress (ANC) u-Ace Magashule uthi udaba lokuthi kumele ehle yini noma cha esikhundleni uNdunankulu waseNorth West lusadingidwa ukuze kufinyelelwe esiphethweni salo.

Uthi kunezinto okumele bazicabange kuqala ngaphambi kokuthatha isinqumo.

Imiphakathi yaseNorth West ingenele imibhikisho ephenduke yaba nodlame ifuna akhishwe esikhundleni uNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo.

Izikhungo zezempilo yizona ezikhahlamezeke kakhulu, njengoba eziningi zisavaliwe namanje.

OLUNYE UDABA: Badedelwe ngesexwayiso ababoshelwe ukudala udlame emphakathini

“Sicele umengameli ukuba abhekane nezinye zezinto ezithinta uhulumeni kanti ne-ANC iyaqhubeka nokubhekana nezinselelo ezibhekene nenhlangano kanye nokunye.”

“Maduzane nje nizowuthola umbiko,” kusho uMagashule etshela izintatheli ngesikhathi ebuzwa ukuthi umphakathi kumele ulinde isikhathi esingakanani ngalolu daba.

Amaphoyisa asasiqaphe ngelokhozi isimo emiphakathini okubonakale kuyona imibhikisho.

Izikole ngezinye zezinto ezibalulekile eziphazanyiswe yimibhikisho.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3875 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2644 votes
No, I don't think they need it
36% - 3740 votes
Vote
ZAR/USD
15.34
(-0.42)
ZAR/GBP
21.17
(+0.27)
ZAR/EUR
18.31
(-0.10)
ZAR/AUD
11.75
(+0.30)
ZAR/JPY
0.14
(+0.13)
Gold
1695.31
(+0.09)
Silver
25.26
(-0.07)
Platinum
1119.50
(+0.27)
Brent Crude
67.21
(+4.17)
Palladium
2329.99
(+0.64)
All Share
67942.96
(+0.29)
Top 40
62499.92
(+0.40)
Financial 15
12498.55
(-1.39)
Industrial 25
87649.24
(-0.28)
Resource 10
70509.32
(+1.94)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo