#MandelaDay: Inxanxathela yezitolo inikele ekhaya lezingane

Durban – Injabulo ibibhalwe ebusweni kubaphathi bekhaya lezingane iSt Martin's Diocesan Home For Children, ngesikhathi inxanxathela yezitolo yelula isandla ngeMandela Day.

Abaphathi be-Pavilion Shopping Centre bakhethe ukunikela kuleli khaya lezingane eliseGlenwood ukutshengisa ukuthi le nxanxathela ibakhathalele kakhulu abantu.

OyiGeneral Manager kule nxanxathela, uNisha Kemraj, uthe benza lokhu ukuhamba ezinyathelweni zalowo owaba nguMengameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela njengoba kugujwa usuku olwaqanjwa ngaye.

“Senza lokhu ngoba sihamba ezinyathelweni zikaMadiba. Akugcini lapho, kepha lokhu kusinikeza ithuba lokunikela ngesikhathi sethu kanye nezinye izinto ezingaba wusizo kulabo abeswele,” esho.

UKemraj uthi basebenzisana namakhaya ezingane amaningi, kepha bathinteka ngesikhathi bezokwenzela izingane uKhisimusi eSt Martin’s ngonyaka owedlule njengoba bafika isimo sesakhiwo singesihle.

“Alukho usuku esibone kufanele ukuba senze ngalo ushintsho, yingakho sikhethe iMandela Day,” esho.

Ezintweni abazilungisile kubalwa inkundla yezemidlalo lapho odado bechitha khona isikhathi sabo esiningi, igumbi lokudlala, baphinde banikela ngezihlalo izingubo zokugqoka, izincwadi, amathoyizi kanye nokunye okuningi.

“Sikhethe ukugxila kakhulu ekulungiseni inkundla yezemidlalo ngoba sikholelwa ekutheni liningi ithalente elikhona kuleli futhi aliqhamuki kuphela ezinganeni ezifunde ezikoleni zomntakabani; likhona nasemakhaya ezingane afana naleli,” elandisa.

Uphethe ngokuthi kubalulekile ukuthi izingane zinakekelwe zisezincane ngoba ziyikusasa lezwe.

OLUNYE UDABA: UMBONO: Kugujwa iMandela Day

“Lezi zingane zisekude ukukhohlwa wokuhle esizenzele kona namhlanje futhi siyazi ukuthi senza umehluko omkhulu,” esho.

UMqondisi waleli khaya, u-Ishara Poodhun, uthi limumatha izingane ezingu-75 kepha okwamanje linezingu-78, kanye nabasebenzi abangu-29.

Uthi izingane abanazo kuleli khaya, elingelinye lamadala eNingizimu Afrika, ziqhamuka ezingxenyeni ezehlukene zesifundazwe.

“Zonke izingane zethu ziphuma emakhaya angamile kahle futhi sezike zabhekana nobunzima empilweni.

“Izingane zilethwa lapha ngokomyalelo wenkantolo ngoba isuke ibone ukuthi ukuziletha lapha yikhona okungcono kunokuthi zihlale nabazali bazo uma kubhekwa isimo umntwana asuke ebhekene naso ngaleso sikhathi,” kulandisa uPoodhun.

Uthi izingane abazinakekelayo ziseminyakeni ephakathi kwemithathu nengu-18 ubudala, okuthi ingane uma isineminyaka engu-18 bese iyadedelwa iyoqala impilo yayo - kepha uma isafunda bayayigcina ize iqede isikole.

“Sigcina lezi zingane ngethemba lokuthi ngelinye ilanga ziyobuyiselwa emindenini yazo ngoba iqiniso lithi alukho uthando olungadlula elomzali.

“Kuyasabisa kona ukudedela izingane zethu ngoba sisuke sezinobudlwelwano obujulile nazo, kepha siphila ngomusa nethemba lokuthi izingane uma sizidedela zithola amakhaya afudumele,” esho.

Echaza uthi into emenza aqhubeke noma kunzima, wukwazi ukuthi lokhu akwenzayo akakwenzeli imali kepha ukwenza ngenhliziyo emhlophe ngoba ungumuntu othandayo ukwenza umehluko ezimpilweni zabantu.

Uthi nakuba uhulumeni ubahlinzeka ngosizo lwezezimali kepha kwesinye isikhathi alwaneli ukuhlangabezana nezidingo zezingane, yingakho bencike kakhulu eminikelweni.

Uphethe ngokuthi lokhu abakwenzelwe yiPavilion Shopping Centre kukhulu kakhulu ngoba bebengeke bakwazi ukuzenzela kona ngenxa yokushoda kwezimali, yize bebesibona isidingo sako.

“Uma imali iqhamuka siyazama ukuthi sipheshe izinto eziyizidingo ezinganeni. Izingane zizokuwujabulela kakhulu lo mnikelo. Akuyona into encane le.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6181 votes
It's four more years for Trump
54% - 7265 votes
Vote
ZAR/USD
16.31
(+0.75)
ZAR/GBP
21.46
(-0.67)
ZAR/EUR
19.35
(+0.57)
ZAR/AUD
11.62
(-0.14)
ZAR/JPY
0.16
(-0.05)
Gold
1924.58
(+0.76)
Silver
25.03
(+1.22)
Platinum
887.00
(+2.00)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2396.00
(+0.77)
All Share
55345.49
(+0.13)
Top 40
50905.12
(+0.11)
Financial 15
10138.60
(+1.83)
Industrial 25
74577.70
(-1.31)
Resource 10
54447.94
(+1.23)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo