'Masigunyazwe nesithembu sesifazane'

Durban - Uma njengesizwe namabandla ezenkolo sikwazi ukwamukela ubutabane ngezinhliziyo ezimhlophe bekuyini ukugunyazwa kwesithembu sabesifazane.

Ngikhuluma njengengqapheli ezigcobile, umhlaziyi ozimele ngoba ngiyabona ukuthi lelizwe likhungethwe ubuxoki.

Uma kungukuthi izitabane zazichithwa yinkolo nawumphakathi kwaya ngokuya zagcina sezamukelekile, yini pho ingabuyekezwa le ndaba yesithembu nje sonke.

Lento ivuswa yizigameko zokubhadanywa kwabesifazane beqome abantu ababili.

Ngibuka abantu abaningi bebabaza indaba kaKarabo kulomdlalo wakuTV, lapho esenkingeni ‘yesithembu’ nokungajwayelekile ukuthi abantu besifazane bavume ukuthi bathanda abantu ababili nkathinye.

Lento yokuthandana nabantu ababili ngesikhathi esisodwa ivame ukuqhathaniswa nomona nokuba ngugombela kwesakhe, kodwa akekho oke azinike ithuba lokuzibuza ukuthi kwenziwe njani uma ngampela uthanda abantu ababili.

Funda nalolu daba: 'Akukho sici ngamazwi eMbube'

Izwe selishintshile, sesaphila kwingxubevange eyenza konke kubukeke kwamukelekile nje emhlabeni. NgokwesiNtu isithembu sigunyaza owesilisa ukuthi angathatha amakhosikazi amabili nangaphezulu.

Kodwa imfundiso yasentshonalanga iyashayisana nalomkhuba ngezizathu ezihlukene kubalwa nokwanda kwezifo zocansi.

Mabakhululwe osisi, ozizwayo ukuthi uthanda isithembu kumele azilungisele isithembu sakhe bese kuthi abantu ababukelayo nomphakathi bahlale phansi banake izindaba zabo baphume ezindabeni zabantu abasesithenjini.

Ngiloku ngicaphune ubutabane nje ngomhlahlandlela wesithembu ngoba yibona obebuthathwa njengechilo, buyinhlamba njengaso isithembu sesifazane.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 28 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
22% - 50 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
65% - 145 votes
Vote
ZAR/USD
15.16
(+0.32)
ZAR/GBP
20.26
(+0.22)
ZAR/EUR
18.08
(+0.23)
ZAR/AUD
11.19
(+0.02)
ZAR/JPY
0.15
(+0.09)
Gold
1810.29
(+0.06)
Silver
23.28
(+0.44)
Platinum
962.34
(+0.46)
Brent Crude
47.75
(-1.52)
Palladium
2386.52
(+1.32)
All Share
57953.17
(+0.05)
Top 40
53126.09
(+0.08)
Financial 15
11815.62
(+1.46)
Industrial 25
80054.11
(+0.08)
Resource 10
52434.92
(-0.67)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo