Nalu uhlu losaziwayo bakamabonakude abahola kakhulu kunabo bonke

Cape Town – Umethuli wezinhlelo zikamabonakude ongaconsi phansi kubabukeli nohlonishwa umhlaba wonke, uDr. Phil McGraw, uyena oqengqeleza phambili ngokuyikha ngamafosholo imali kozakwabo abangosaziwayo kumabonakude, ngokohlu lwephephabhuku, iForbes.

Lo methuli wezinhlelo zasemini kubikwa ukuthi uhole imail engaphezulu kuka-$79m onyakeni ka-2017.

U-Dr. Phil waqala ukuba ngusaziwayo kumabanakude ngesikhathi esavela ohlelweni iThe Oprah Winfrey Show. Ngonyaka ka-2002 wethula uhlelo lwakhe oludlala maphakathi nezinsuku noluqanjwe ngegama lakhe, iDr. Phil. Endaweni yesibili kuhleli omunye umethuli wezinhlelo, u-Ellen DeGeneres, nohole u-$77m kanti endaweni yesithathu kuhleli uJerry Seinfeld, yena ohole u-$69m.

OLUNYE  UDABA: Nalu uhlu losaziwayo abahola kakhulu kunabo bonke

Ngokwephephabhuku iForbes le mali eyenziwe yilabo saziwayo ngonyaka ingase ibandakanye nemali abayihole ngeminye imisebenzi eseceleni abayenzayo efana nokudidiyela izinhlelo, imisebenzi abasuke beyenza bengavelile kumabonakude, ukukhangisa ngezinto ezithile kanye nokudayisa izinto ezithile.

Zibonele uhlu oluphelele ngezansi:

1. Dr. Phil McGraw, $79 million (usaziwayo ongumethuli wohlelo lwezingxoxo nomdidiyeli).
2. Ellen DeGeneres, $77 million (usaziwayo ongumethuli wohlelo lwezingxoxo nomdidiyeli).
3. Jerry Seinfeld, $69 million (usomahlaya ongumlingisi wemidlalo yamahlaya).
4. Gordon Ramsay, $60 million (usaziwayo ophinde aphekele osaziwayo).
5. Ryan Seacrest, $58 million (usaziwayo ongumethuli wehlelo emsakazweni futhi ongumdidiyeli).
6. Louis C.K., $52 million (umlingisi wamedlalo yamahlaya, usomahlaya, umdidiyeli).
7. Judy Sheindlin, $47 million (usaziwayo ongumethuli wohlelo lwasenkantolo).
8. Kim Kardashian West, $45.5 million (usaziwayo kumabonakude onohlelo ngokwenzeka ngempela empilweni yakhe).
9. Simon Cowell, $43.5 million (usaziwayo kumabonakude, umdidiyeli).
10. Steve Harvey, $42.5 million (umethuli wohlelo kumabonakude, usomahlaya).


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 7528 votes
It's four more years for Trump
53% - 8647 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(-0.10)
ZAR/GBP
21.11
(-0.12)
ZAR/EUR
19.19
(-0.12)
ZAR/AUD
11.55
(-0.13)
ZAR/JPY
0.15
(-0.14)
Gold
1901.55
(+0.01)
Silver
24.57
(+0.10)
Platinum
902.03
(+0.40)
Brent Crude
41.85
(-1.66)
Palladium
2378.04
(+0.61)
All Share
55339.58
(+0.99)
Top 40
50692.28
(+0.83)
Financial 15
10790.70
(+3.99)
Industrial 25
74905.70
(+1.05)
Resource 10
52561.57
(-0.49)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo