Johannesburg - Ngeke kube nokuchitheka kwegazi emzabalazweni wokufuna umhlaba, kusho umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema ngoLwesithathu.
"UMama [Winnie Madikizela-Mandela] wayefuna umhlaba kodwa wayengayizwa eyokuba abelungu bayolahlelwa olwandle.
"Sikusho sonke isikhathi lokho kwi-EFF, kodwa akwehli kahle kwabezindaba,” kusho uMalema ngesikhathi i-EFF ibambe umcimbi wokukhumbula uMadikizela-Mandela eBrandfort, esifundazweni iFree State.
Uthe i-EFF ibekwa njengenhlangano engabafundi abelungu eNingizimu Afrika.
OLUNYE UDABA: Uziqhathe ne-DA uDe Lille ezihlanganisa ne-EFF
"Siyabadinga abelungu, asinankinga nabelungu. Abelungu bangabalapha. Bafana nezihlahla nezintaba; njengedalo esinayo.”
Uthi abantu abathi ababafuni abelungu kuleli kufana nokuthi bathi abazifuni izihlahla emhlabeni.
Uphinde wathi ngeke saba yisizwe esihle ngaphandle kwabelungu.