eThekwini - Iphoyisa elibhekene nohide lwamacala okubulala ehostela iGleblends litshele iNkantolo yesiFunda eThekwini ukuthi umfowabo wabulawa lapha kuleliya hostela kanti naye wacishe wathunyelwa kubabamkhulu bakhe.
"Ngaphuma kuleliya hostela ukuze ngiziqhelelanise nodlame olwalwenzeka lapha,"kusho yeli phoyisa.
Leli phoyisa elinguDetective Sergeant Bhekukwazi Louis Mdweshu lisho lokhu ngencwadi efungelwe efundwe bukhoma eNkantolo ngoMsombuluko ngesikhathi efaka isicelo sebheyili.
Yize leli phoyisa lithi liphuma kuleli hostela ngemuva kokubulawa kukamfowabo kanye nemizamo yokubulawa kwakhe, kalizange licacise ukuthi kwakuyinini lapho kwakunabasolwa abebefuna ukumsoconga.
Leli phoyisa selihlala eNewlands West, enyakatho nedolobha laseThekwini kanti laqala ukuhlala lapha ngo-2016.
OLUNYE UDABA: Lisesitokisini iphoyisa elinukwa ngamacala okubulala eGlebelands
Leli phoyisa lisolwa ngamacala ambalwa okubulala enzeka phakathi kuka-Agasti 2014 noMashi 2016 kuleli hostela.
Leli phoyisa liyingxenye yabantu ababoshwa ngesikhathi amaphoyisa ebamba abasolwa ngamacala okubulala kuleli hostela ngasekupheleni konyaka odlule.
UMdweshu uyaphika ukuthi kuneqhaza ake alidlala ekubulaweni kwabantu futhi waveza nokuthi ngeke awavume amacala abekwe wona.
"Abukho ubufakazi obungiyamanisa nalawa macala,"kusho yena.