Ngifuna kubuyiswe ubudoda bami, kusho 'owesifazane'

Johannesburg - Owakhula eyintombazane kanti futhi ngokomthetho ungumuntu wesifazane ufuna kubuyiselwe ubulili bakhe bangempela.

Isakhamuzi saseLimpopo esineminyaka engu-21 ubudala esihlala eLuthuli Park eduzane nasePolokwane esicele ukubizwa ngelikaDenise ngoba sesabela ukucwentswa, sesihlinzwe isikhawu ezingaphezu kweyishumi.

UDenise usethathe imishanguzo eminingi kulandela ukuzalwa nobulili obubili.

Ngokusho kwe-website ye-Intersex eNingizimu Afrika,  igama elithi intersex yigama okuchazwa ngalo abantu abazalwa nobulili obubili; obungatshengisi noma ungumuntu wesilisa noma ungowesifazane.

OLUNYE UDABA: Uphumela obala oncukumbili

Le nhlangano iphinde yathi abantu abazalwa benobulili obubili bahlinzwa obubodwa ngaphandle kwemvume yabo besayizingane okwenza kube nzima ukuba kwazeke kahle ubulili babo.

Umama kaDenise uthe izinkinga mayelana nobulili bengane yakhe zaqala ngesikhathi ezalwe nobhontshisi okhubazekile, okuyinto eyashiywo ngodokotela basePolokwane.

Lo mama uphinde wathi wanikeza odokotela imvume yokuba bahlinze ingane yakhe ubulili obubodwa ngesikhathi inezinyanga ezine izelwe ngemuva kokutshelwa ukuthi ingane yakhe iyintombazane.

Yize kunjalo ngemuva kweminyaka embalwa, ingane yakhe eseyikhulise njengentombazane waqala wabona izimpawu zomfana kuyo njengoba yaqala yamila amadevu futhi nayo iziphathisa okomuntu wesilisa.

"Odokotela bangitshela ukuthi konke kuzophela uma ejova kodwa ngangilokhu ngizibona izimpawu zendoda kuye," usho njalo.

Njengamanje uDenise uthola usizo usizo lwemali kwabeMalefela Martins Manyane Trust ukuze ezokwazi ukuhlinzelwa isigaba sesithathu sokulungiswa "kwenduku" okubiza imali ephakathi kwengu-R65 000 nengu-R80 000.

"Ngangigqoka iziketi ngisakhula kodwa ngidlala nabafana, yilapho engaqala khona ukubona ukuthi ngihlukile ngase ngiqala nokubuza imibuzo. Ngangihlezi ngicabanga futhi ngikhala njalo. Ngahanjiswa kodokotela benqondo ukuze ngizofunda ukwamukela isimo sami. Ngifuna ukuqhubeka nempilo yami ngiqede nesikole," usho njalo.

Uma umbuka uDenise uyindoda enetshebe kodwa umazisi wakhe uthi uthi ungumuntu wesifazane okwenza izinto zibe nzima.

Umama kaDenise uthi kwakunzima ngisho nokuvula i-akhawunti yasebhange njengoba njalo kwakubuzwa ngobulili bakhe.

UNgqongqoshe wezeMpilo eLimpopo uPhophi Ramathuba uthe uzophawula ngodaba uma esewabonile amabhuku odokotela kaDenise.

"Siyaqala ukuzwa ngento efana nale kodwa siyajabula ngoba sesiyazi ngalo. Sizolubhekisisa udaba lwakhe mase senza konke okusemandleni ukumsiza," kusho uRamathuba.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
8% - 877 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1655 votes
Have no interest in spending more money this year?
78% - 9043 votes
Vote
ZAR/USD
15.33
(+0.14)
ZAR/GBP
20.49
(+0.03)
ZAR/EUR
18.22
(-0.06)
ZAR/AUD
11.29
(-0.60)
ZAR/JPY
0.15
(-0.00)
Gold
1823.31
(-0.70)
Silver
23.38
(-0.58)
Platinum
937.00
(+1.18)
Brent Crude
45.51
(+2.15)
Palladium
2331.00
(-0.40)
All Share
57715.69
(+0.99)
Top 40
53018.35
(+1.03)
Financial 15
11506.20
(+1.48)
Industrial 25
80584.13
(+0.83)
Resource 10
52365.49
(+1.15)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo