Ngimanxebanxeba ngenxa yabantu engakhula nabo - Zuma

Durban - Lowo owayengumengameli uJacob Zuma usekhwele wadilika kulabo abamgxekayo wathi umidwayidwa ngenxa yabantu akhula nabo.

UZuma ubekhuluma ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesihlanu ekuseni ngemuva kokuvela enkantolo, icala lahlehliswa.

Uthe kuyaxaka ukuthi namanje usabhekene namacala ake abekwa wona ngaphambilini.

UZuma ukhulume nezinkulungwane zabalandeli bakhe wathi ukubuyiselwa enkantolo kwala macala ake abekwa wona ngaphambilini kunenhlense yepolitiki.

Abalandeli baZuma babambe umlindelo ngoLwesine kwathi ekuseni ngoLwesihlanu bamashela enkantolo lapho bekuvela khona lo mholi ngamacala amayelana nokuthengwa kwezikhali.

OLUNYE UDABA: Bazozisola ngokubuyisela la macala - Zuma

Leli cala libe selihlehliselwa umhlaka-8 Juni.

UMshushisi woMbuso uBilly Downer uchazele inkantolo ukuthi kungani befuna leli cala lihlehliswe.

"Isizathu sokuhlehliswa kwecala sikabili. Okokuqala, sitshelwe ukuthi umsolwa wokuqala uMnu Zuma uzimisele ngokufaka isicelo ngesinqumo sokumshushisa futhi. Ngaleyo ndlela-ke simnikeza isikhathi ngethemba lokuthi konke kuzobe sekuphothuliwe maphakathi noMeyi."

UZuma nethimba lakhe labameli kulindeleke ukuba babuyele enkantolo ngoJuni, kepha konke kuncike ekutheni isicelo sikaZuma sokubuyekezwa kwesinqumo sizobe sesiphothuliwe na.

IJaji uThemba Sishi ulihlehlisile icala wabe esememezela ukuthi uZuma uzodedelwa ngesexwayiso.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 4410 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2971 votes
No, I don't think they need it
36% - 4201 votes
Vote
ZAR/USD
15.51
(-1.41)
ZAR/GBP
21.45
(-1.19)
ZAR/EUR
18.38
(-0.72)
ZAR/AUD
11.86
(-0.58)
ZAR/JPY
0.14
(-0.93)
Gold
1682.16
(-1.45)
Silver
25.14
(-1.04)
Platinum
1141.00
(+0.44)
Brent Crude
70.77
(0.00)
Palladium
2309.01
(-0.79)
All Share
68426.17
(+0.23)
Top 40
62910.60
(+0.19)
Financial 15
12747.28
(-0.10)
Industrial 25
87156.37
(-0.52)
Resource 10
71780.93
(+1.38)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo