Ngisebenzise ithuba ephathini ye-ANC - DJ Sbu

Johannesburg – Isihlabani somculi esibesematheni ngezizathu ezingezinhle ngonyaka odlule, uDJ Sbu umangaze abaningi ngesikhathi efaka izithombe ku-Instagram enezikhulu ze-ANC ngesikhathi kugijwa usuku lokubunjw akwalo mbutho.

USbu ubehambele lo mcimbi ngempelasonto obuseRustenburg eNorth West.

Ku-Instagram wakhe kusuke umsindo ngemuva kokuba efake izithombe enabaholi be-ANC bephuza isiphuzo sakhe iMoFaya.

Ngesikhathi abanye betusa indlela amaketha ngayo, abanye bebefuna izimpendulo, besola ukuthi kunesandla semfene.

Funda nalolu daba: Umculi ugcine eyithembise umshado intombi yakhe yeminyaka

Enkulumeni yakhe kwiCliffCentral noGareth Cliff, uSbu wenabe kabanzi ngalokhu akwenzile.

"Uma sinento ethile kodwa singenawo amandla okukhangisa, njengami nje, sihlala phansi njengethimba sibheke imicimbi ephezulu eyenzekayo ezweni. Siyalisebenzisa lelo thuba.”

USbu uthe akumenywa muntu ephathini ye-ANC, uyazihambela nje uyobungaza kanye nombutho.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi uyilungu lokuqina yini le-ANC, uSbu uthe uma kukhulunywa ngesiphuzo sakhe, ukhuluma ngebhizinisi.

“Uma ukhulisa umkhiqizo wakho, awulahlekelwa lutho. Uma i-EFF ihlela umcimbi, ngizohamba nesiphuzo sami. Uma iDA nayo inomcimbi, ngizobe ngikhona. I-ANC ayingikhokheli. Ngibone ithuba nje.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
7% - 988 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1878 votes
Have no interest in spending more money this year?
79% - 10539 votes
Vote
ZAR/USD
15.20
(-0.63)
ZAR/GBP
20.32
(-0.45)
ZAR/EUR
18.12
(-0.61)
ZAR/AUD
11.20
(-0.65)
ZAR/JPY
0.15
(-0.78)
Gold
1809.97
(+0.12)
Silver
23.29
(-0.15)
Platinum
963.00
(+0.40)
Brent Crude
48.73
(+1.57)
Palladium
2368.48
(+2.46)
All Share
57923.69
(+0.31)
Top 40
53084.13
(+0.27)
Financial 15
11645.28
(+0.04)
Industrial 25
79993.34
(+0.20)
Resource 10
52790.93
(+0.35)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo