NGIYIMBOKODO: INdlovukazi kaMaskandi, Buselaphi Gxowa

Durban - Sesiyigoqa inyanga yabesimame sibone kufanelekile ukuba siyigoqe ngeNdlovukazi, imbokodo engumgogodla womculo kaMaskandi, isikhukhukazi esifukamela amachwane asafika kule mboni.

Umama uBuselaphi Gxowa uthi thando lwakhe ngomculo wesintu, ezamasiko kanye nokuzigqaja ngokuba umZulu yikona okumenza abambelele kule mboni.

Lokhu kubonakala kahle uma engena esiteji, ikhono lakhe kwezomculo, isigqi sakhe uma eyibhikla.

Ngisho noma ungawuthandi umculo kaMaskandi, ngisho ungamthandi yena uqobo ngeke uhlale unganyakazi.

Yize engumculi odume iNingizimu Afrika yonke, uthi umndeni wakhe uyikho konke kuye.

“Njengekholwa ngiyazazisa futhi ngiyazibonga izibusiso zami, ukuba nomndeni ongesekayo emsebenzini wam ikakhulukazi umyeni wami kanye nabalandeli abangithandayo," kusho yena.

Yize zikhona izingqinamba ababhekana nazo abesimame kule mboni, lo mculi unethemba lokuthi ushintsho luyeza nakhu nama-Satma ebungaza imbokodo yodwa kulo nyaka.

OLUNYE UDABA:Kuzohlonishwa imbokodo emcimbini wama-SATMA

Njengomculi ohlezi ematasa, uligcina kanjani ikhaya lakhe lifudumele?

UBuselaphi uphakamisa kakhulu inhlonipho othandweni. Uthi kubalulekile ukuthi ukumhlonipha umyeni wakho kanye nalowo othandana naye. Umhloniphe enotho, umhloniphe engenalutho.

Ungajahi ukubona ukuthi yini ephathekayo akufikela nayo ngoba mhla kufika izinsuku zobunzima ngeke ukwazi ukumelana nazo.

"Mina kwami, igumbi lokulala akuyona indawo yokukhuluma izindaba nokuqula amacala, ngiyaye ngiqikelele ukuthi kukho konke engikwenzayo ngiyamhlonipha ubaba uGxowa.

Akukho okudlula ukuzehlisa uma ungumuntu wesimame, umendo uwuthola ngokuzithoba kwakho, ukugcina isithunzi sakho kanye nokuhlonipha,"kusho yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3231 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2221 votes
No, I don't think they need it
36% - 3116 votes
Vote
ZAR/USD
14.92
(+0.18)
ZAR/GBP
20.85
(+0.10)
ZAR/EUR
18.05
(+0.04)
ZAR/AUD
11.69
(-0.36)
ZAR/JPY
0.14
(+0.28)
Gold
1734.53
(+0.62)
Silver
26.72
(+0.88)
Platinum
1208.00
(+1.85)
Brent Crude
63.29
(-1.13)
Palladium
2374.50
(+1.28)
All Share
68510.75
(+1.44)
Top 40
63104.70
(+1.61)
Financial 15
12568.48
(+0.90)
Industrial 25
89150.72
(+1.21)
Resource 10
70539.82
(+2.28)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo