'Ngiyoganwa emaXhoseni ayikho lento yamaZulu'

Durban - Lento yokuganwa nokugana ithathwa ngamanye amehlo kubantu abamnyama futhi nemigilingwane egilwayo ivama ukwehluka ngokwezizwe nokuyikho okungenza ngidideke ukuthi kanti lento yasukaphi futhi isho ukuthini.

Njengenkunzi kamabuyemendweni ephinde ibe umkhongi sengibone lukhulu kubantu abazibiza ngamaZulu nabathi baqhuba usiko lwesiZulu uma kukhulunywa ngokuganiselana.

Ibihlale ingihlupha njalo lento yokuthi amalobolo awafani kumaZulu, nobani usho okuthandwa nguyena.

Ngiye kokhonga ngapha emaXhoseni, hhayi liyabusa izwe ngapha. Kuzomele ngiye kofuna umakoti ngakhona.

Funda nalolu daba: 'Masigunyazwe nesithembu sabesifazane'

Laphaya isizwe sonke sisebenzisa imali yesicelo eyodwa hhayi inani elingafani. Bese kuthi amalobolo ayefana nse ngoba mekukhulunywa ngenkomo kukhulunywa ngenkomo hhayi imali, mekubizwa ihhashi kubizwa ihhashi hhayi imali.

Lamaqili angamaZulu afike akubize inkomo ka-11 okuyiyo ebiza ukwedlula zonke abanye bathi iwu-R9500 abanye bathi iwu-R14 000 nobani usho akuthandayo.

Bese zehlake njalo mhlambe ugcine uthole ukuthi eyokugcina ila ko-R7 000. Ulobole uqede imihlandla yezinkomo, kuyabe usungena kulomshikashika wezibizo engingawuqondi ukuthi yini umsebenzi wawo kahle-hle nokuthi kuba nani uma ungawuhambisanga.

Ngapha kwaXhosa ayikho yonke leyonto.

Uma amaZulu enobulungiswa yini kungalotsholwa ngezinkomo uqhube ‘ispani’ nje sika-11 wezinkomo ezivale ngamathole emumva njengoba phela zingalingani.

Kunalombhedo wokuchoma ngemali esingenayo.

Funda nalolu daba: 'Azikhali nzuzo kulabomatikuletsheni manje'

Kaningi sekucacile kimi ukuthi kushibhile ukuthenga izinkomo ezihamba ngezinyawo kunokulobola ngemali.

Uma ulandela lesiZulu sikamazisikele ugcina uhlukene nemali ebalelwa ko-R70 000 ungakashadiselwa ngokugcwele, kusanezindleko zomgcagco ngqo.

Ugcine usuchithe imali ela ko-R100 000, uzowakha ngani umuzi, uzomondla ngani lo mfazi, izingane zona uzozondla ngani? Uthi uphuma inxiwa ushikwa yisikweletu samalobolo, ushikwa yisikweletu sokondla lo mndeni wakho ugcine usunenhliziyo encane nje ekhaya, kuwe nenduku, kuqhume idivosi emva kwaloko.

Ngiyoganwa phesheya kweNciba ngikhathele amaZulu athanda imali thu-mashi!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 110 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 197 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 515 votes
Vote
ZAR/USD
15.25
(-0.09)
ZAR/GBP
20.29
(-0.13)
ZAR/EUR
18.23
(-0.10)
ZAR/AUD
11.25
(-0.23)
ZAR/JPY
0.15
(-0.04)
Gold
1787.51
(+0.09)
Silver
22.67
(+0.11)
Platinum
965.22
(+0.30)
Brent Crude
48.27
(+0.96)
Palladium
2413.01
(+0.60)
All Share
57822.50
(-0.17)
Top 40
53021.58
(-0.12)
Financial 15
11577.71
(-0.58)
Industrial 25
79894.95
(-0.12)
Resource 10
52804.55
(+0.03)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo