Ngizodlala kuze kulamule ukulimala - Nomvethe

Cape Town – Umakadebona womgadli waMaZulu uSiyabonga Nomvethe uthi uzoqhubeka nokudlala ngokuzimisela inqobo nje uma imilenze yakhe isavuma ukumthwala.

Lo mgadli oneminyaka engu-40 ubudala uthe ubengalindele ukuthi usadlala ku-Absa Premiership kule minyaka yobudala anayo, kepha uthi ujabule ngokuqhubeka nokudlala indima ebholeni lezinyawo.

Lo mdlali owake wagijima kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uthi wukulimala kuphela okungase kumcabangise ukuthatha umhlalaphansi njengoba esazizwela enamandla okuqhubeka nokudlala noma yiminyaka emibili.

Uthe ujabule kakhulu ukuthola ithuba lokuqala umdlalo ngesikhathi ezakhe zibhekene nePirates ngempelasonto wadlala imizuzu ezingu-73, nokho kwamjabhisa ukwehlulwa kwezakhe.

UNomvethe utshele iSuperSport wathi: "Bekungumuzwa omnandi kakhulu kimi ngoba bengingalindele ukuthi umqeqeshi anganginika ithuba lokuqala umdlalo.

OLUNYE UDABA: Ngeke lubuyele ehlathini uSuthu - Nomvethe

“Kumele ngimbonge uNkulunkulu ngendlela engidlala ngayo, bengingazitsheli ukuthi ngizofika kule minyaka ngisadlala ibhola.

“Kumele ngibatshengise abafana abancane ukuthi ibhola lihambisana nothando. Kumele ngenze into ezobajabulisa.

“Ngenxa yokuthi lesi yisiphiwo esivela kuMdali, kungenzeka ngidlale noma amanye amasizini amabili noma amathathu. Uma nje imilenze yami isangivumela, ngizoqhubeka ngitshengise abafana abancane ukuthi kuyenzeka.”

AmaZulu azogadulisana nePlatinum Stars koweligi ngomhlaka-25 Ephreli eRoyal Bafokeng Stadium.

Umdlalo uzoqala ngo-19:30.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3270 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2249 votes
No, I don't think they need it
36% - 3155 votes
Vote
ZAR/USD
14.95
(-0.26)
ZAR/GBP
20.85
(-0.13)
ZAR/EUR
18.07
(-0.17)
ZAR/AUD
11.69
(-0.10)
ZAR/JPY
0.14
(-0.10)
Gold
1731.09
(-0.28)
Silver
26.55
(-0.48)
Platinum
1200.00
(+0.32)
Brent Crude
62.54
(-1.55)
Palladium
2361.48
(-0.01)
All Share
68510.75
(+1.44)
Top 40
63104.70
(+1.61)
Financial 15
12568.48
(+0.90)
Industrial 25
89150.72
(+1.21)
Resource 10
70539.82
(+2.28)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo