Ngizovotelani ngihlala kwindle?

Johannesburg - Izakhamizi zaseKhutsong zikhala ngokuhogela iphunga elibi kulandela ukuvuza nokuqhuma kwamapayipi endle emgwaqeni emningi yelokishi elibagulisayo.

Lezi zakhamizi zithi le ndle ehcithekeile iyingozi.

Ngesont eledlule abephephandaba iSowetan bavakashela eloskishini -EXT 3 okuyisigceme esisha eKhutsong, ithimbalabona izitamukoko ezintathu egcekeni lomuzi womuntu zonke ziqhumile.

OLUNYE UDABA:   Indle igcwele umgwaqo

Omunye wezakahmuzi ongathokozile uMama Kgophotha uthi akasazi kukangaphi uMasipala waseMeafong befika bezolungisa amapayipi egcekeni lakwakhe.

" Izingane emgwaqeni zingibiza ngoNksz Sh*t ngenxa yezikubona kwenzeka egcekeni lakwami. Lesi sitamukoko sesineminyaka saqhuma. Abakwamasipala sebefike kaningi kanti bebekhona ngoLwesine futhi.

URetshidisitswe Sebotswa ohlala ngakwaKgophotha naye ukhala ngombonakalo osudalwe yilokhu kuqhuma kwezitamukoko osekwenze ukuba akhe kabusha umjondolo wakhe.

Kuqhume izitamukoko ezintathu ezisegcekeni lakwakhe kanti ukungcola kudlula amasentemitha ambalwa nomjondolo wakhe.

Lo monakalo usuka kwakhe uyodlula enkulisa yopmphakathi ungene kweminye imigwaqo eseduze.

"Le inkinga esibhekana nayo zonke izinsuku. Ingxenye yempilo yami. Sengiphile iminyaka ngilwa le ndaba yezitamukoko.

"Iphunga libi kakhulu ngihlezi ngiphathwa yikhanda.

"Sengayeka ukukhala kanti sengikhethe ukuba ngiyeke nokuvota.

"Kungani kufanele ngivote ekubeni ngihogela indle? Konke ukudla engikuphekayo kuyanuka. Kuba kubi kakhulu ehlobo nasentwasahlobo. Lezi zikhukhula zendle zigcine zigcwele emjondolo wami. Ubani ongahlala nale nkinga? Kungani bengayilungisi," kubiza uSebotswa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3225 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2219 votes
No, I don't think they need it
36% - 3111 votes
Vote
ZAR/USD
14.93
(+0.20)
ZAR/GBP
20.85
(+0.11)
ZAR/EUR
18.05
(+0.04)
ZAR/AUD
11.69
(-0.36)
ZAR/JPY
0.14
(+0.28)
Gold
1735.62
(+0.68)
Silver
26.71
(+0.85)
Platinum
1205.00
(+1.76)
Brent Crude
63.29
(-1.13)
Palladium
2358.52
(+1.10)
All Share
68510.75
(+1.44)
Top 40
63104.70
(+1.61)
Financial 15
12568.48
(+0.90)
Industrial 25
89150.72
(+1.21)
Resource 10
70539.82
(+2.28)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo