Durban – Uma uyisakhamuzi saseMooi River, bhekisisa kahle ithikithi lakho ngoba ukhonjwa kule ndawo owine iLotto kaR12 miliyoni.
Umnikazi wethikithi okuthiwa lithengwe esitolo iCircle Way Trading ngoMgqibelo akakaveli ukuzokwamukela izigidi zakhe.
Kuthiwa leli thikithi lathengwa ngoR5 ngoLwesihlanu.
OLUNYE UDABA:Izokhuphuka ngo-40% iLotto ngesonto elizayo
UZukiswa Nomnganga ongumphathi wezokuxhumana kwi-Thuba uthe: “ Abawinile bavame ukuxhumana nathi ngoMsombuluko uma kusanda kuvela imiphumela, kodwa kulokhu akekho osebathintile yingakho besebenzisa abezindaba ukunxusa lo owinile ukuba asondele ngaphambili.”
UZukiswa uthi ukholwa wukuthi uma bekhipha lo mlayezo abantu abahlala kuleyo ndawo bazokwazi ukuhlolisisa amathikithi abo, kubika i-The Mercury.