Cape Town - Kushone abantu ababili kwalimala oyedwa ngoLwesine ngemuva kokuthi iloli ligibele emotweni yabo e-Atlantis, kusho okhulumela abosizo lokuqala eWestern Cape uRussel Meiring.
"Kukholakala ukuthi oyedwa wabashonile ubevivinyelwa ukuthola izincwadi zokushayela ngesikhathi sengozi," usho njalo.
OLUNYE UDABA: Obefunda ukushayela ushayise umhloli eThekwini
Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko ekhoneni likaCharl Uys Road noNeil Hare Road bafice iloli iphezu kwemoto.
Kusetshenziswe imishini emikhulu ukususa iloli phezu kwemoto.
Izidumbu ezimbili zamadoda zitholwe ngaphakathi emotweni. La madoda ahlonzwe njengashonileyo endaweni yesigameko.
Umshayeli weloli uthole amanxeba kulesi sigameko walashwa endawnei yesigameko ngaohambi kokuphuthunyiswa esibhedela.
Iziphathimandla ziphuthume endaweni yesigameko ziyoqalisa uphenyo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter