Newcastle - Amaphoyisa asekhiphe imininingwane emisha ngesigameko sokugwiliza emfuleni iNcandu ngosizo lwabantu ababeserenki yamatekisi eNewcastle.
Ngokusho kwamaphoyisa, kuthiwa lo mfundi wayebe ukhaphethi emzini oku-Lincon Street ngomhlaka 24 kuNcwaba emini.
OLUNYE UDABA:Kugwilize izingane ezintathu eKapa
Kuthiwa umnikazi womuzi wayemjaha ngesikhathi lo mfundi ebaleka eyongena emfuleni nokuyilapho agwiliza khona, kubika iNewcastle Advertiser.
Imibiko iveza ukuthi lo mfundi, 17, uyathinteka kwizigameko eziningi zokweba nokugqekeza emzini yabantu khona kule ndawo.