Omunye wabasolwa baseNgcobo udube ibheyili

eNgcobo - Omunye wabasolwa ababandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwamaphoyisa nesosha eselathatha umhlalaphansi unqabe ibheyili.

UPhuthumile Mancoba, ongomunye wabaholi bebandla iSeven Angels, uvele eNkantolo yeMantshi yaseNgcobo ngoLwesithathu.

Ngaphambilini wayeveze ukuthi uzofaka isicelo sebheyili ekhulunyelwa wummeli wakhe wesihe, kodwa ngoLwesithathu, uMancoba utshele inkantolo ukuthi akasayifuni ibheyili.

UMancoba nabanye abasolwa abangu-11 babhekene necala lokwakha uzungu lokuphanga.

OLUNYE UDABA:Sinyukile isibalo sabadutshulwe emaphoyiseni eNgcobo

INational Prosecuting Authority (NPA) uveze ukuthi izokwengeza elinye icala lokuphanga uma sebephinda bevela enkantolo.

Umsolwa we-12 uZukile Nkanunu, 23, naye uvelile enkantolo kanye noMancoba eNkantolo yeMantshi yaseNgcobo ngoLwesithathu ngemuva kokuboshwa yithimba labaseshi eliphenya udaba lokuhlaselwa wkesiteshi samaphoyisa ngenyanga edlule.

UNkanunu, njengabo bonke abasolwa uboshelwe ukubandakanyeka ekuhlaselwe kwamaphoyisa, uthe akayifuni ibheyili futhi uzozimela yena.

Bonke abasolwa bagqunywe esitokisini kanti bazovela eNkantolo yeMantshi yaseNgcobo ngomhlaka-30 Ephreli.

Amaphoyisa agasela esontweni iSeven Angels kwaboshwa abasolwa abangu-10, abangu-7 bashona ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa kwathi abathathu bangeniswa esibhedlela.


 - African News Agency/ANA

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
36% - 1928 votes
I'll wait to see how others respond
27% - 1458 votes
No, I don't think they need it
37% - 1980 votes
Vote
ZAR/USD
14.60
(-0.84)
ZAR/GBP
20.65
(-0.72)
ZAR/EUR
17.80
(-0.92)
ZAR/AUD
11.66
(-0.86)
ZAR/JPY
0.14
(-0.62)
Gold
1789.79
(-0.74)
Silver
27.83
(-0.31)
Platinum
1252.50
(-0.71)
Brent Crude
66.41
(+2.64)
Palladium
2418.00
(-0.92)
All Share
66961.78
(+1.15)
Top 40
61527.12
(+1.28)
Financial 15
12393.88
(+0.31)
Industrial 25
86218.21
(-0.38)
Resource 10
69265.50
(+3.79)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo