Durban - Lo somabhizinisi usho lokhu ephendula iphephandaba iSunday Times elibhale ukuthi wakhokhelwa izigidi zamarandi ngenkonzo yesikhumbuzo kaNelson Mandela.
“Okubi wukuthi ngangingasebenzi ngedwa, angibazi abanye abanikazi bamabhizinisi esasibambisene nabo ukuthi bathola malini kodwa bona bakhokhelwa.
Kungani bangabuzi imibuzo ngabo bonke osomabhizinisi abathintekayo?
OLUNYE UDABA:Kuboshwe usomabhizinisi ngelithinta izibhamu
Kungani ningenayo imibuzo ngamabhizinisi aqashwa, ikakhulu lawa asePitoli, kungani ningabuzi imibuzo ngamabhizinisi abamhlophe,”kubuza lo somabhizinisi.
UMabheleni uthi yimbi lenkoleloze esifunzwa yona yokuthi osomabhizinisi abamnyama bagcwele inkohlakalo.
Amabhizinisi abamhlophe uma eqashelwa umsebenzi ofanayo futhi akhokhelwe ngeke uzwe kukhulunywa, kubika iSowetan.