Harare - Owesilisa wase-Eastern Cape uzobhadla ejele impilo yakhe yonke ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala iguqule isigwebo seminyaka eyisithupha asithola ngokudlwengula ingane yakhe eneminyaka eyisithupha ubudala ngo-2012.
UMzukisi Peli wagwetshwa iminyaka eyishumi ebhadla ejele yiNkantolo eNkulu eGrahamstown ngemuva kokulivuma icala lokudlwengula ingane yakhe yomfana.
Inkantolo yamlengisela iminyaka emine ngombandela wokuba wokuba angalahlwa yicala elifanayo.
OLUNYE UDABA: Lisobishini iphoyisa eleqe esitokisini
Ngesikhathi egwetshwa okokuqala, inkantolo yathola ukuthi kunezizathu zokuba angagwetshwa iminyaka eminingi.
Inkantolo yaphinde yabala nokuthi uPedi wayeqala ukwenza icala futhi wayephuze utshwala ngaleso sikhathi.
I-National Prosecuting Authority (NPA)‚ ngokungagculiseki, yaludlulisela phambili lolu daba, ikhala ngokuthi sincane kakhulu isigwebo.