Owaduma ‘ngopende’ kuPirates uzojoyina iChippa namhlanje

Johannesburg - IChippa United isikuphothulile ukusayinwa kwesikhwishikhwishi somdlali obegijima ku-Ajax Cape Town, uMark Mayambela, kubika iKickOff.

UMayambela usayine inkontileka yeminyaka emithathu ne-United kanti kulindeleke ukuthi ajoyine ozakwabo uma ngabe leli qembu seliqala ukuziqeqesha kwalo ngaphambi kokuba kuqale isizini eThekwini ngoLwesibili kulandela ukukhululwa kwakhe kuma-Urban Warriors.

Lo mdlali wasesiswini owayegijima ku-Orlando Pirates usebuyela isibili kumaChilli Boys njengoba ngaphambilini ashiya leli qembu wajoyina iSupersport United kumasizini amathathu adlule, nalapho ashaya khona amagoli amabili ngemuva kokuqala imidlalo eyishumi kuleli qembu elizinze ePort Elizabeth.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: I-Orlando Pirates isiyethule amajezi amasha

Ngokusho komthombo weKickOff osondelene nale kilabhu, umdlali wasesiswini, uMahlatse Makudubela, naye kulindeleke ukuthi ajoyine isikwati saleli qembu ekanjini yalo eThekwini ngoLwesibili.

“Isivumelwano sesenziwe,” umthombo utshela iKickOff. “UMayambela uzokwehla ngendiza eya eThekwini ukuyojoyina ikilabhu ngaphambi kokuqala kwesini kusasa.

“UMakudubela naye kulindeleke ukuthi afike kusasa.”

UMayambela naye kubukeka sengathi kwale kancane ukuthi amemezele ukujoyina kwakhe iChippa kuTwitter.

Ngale kwaMayambela, kuphinde kwabikwa nokuthi unozinti we-Orlando Pirates, uBrighton Mhlongo, kulindeleke ukuthi ajoyine iChippa United.

Kodwa-ke imizamo ye-KickOff yokuthola ukuphawula komphathi we-United, uChippa Mpengesi, mayelana nale mibiko ayiphumelelanga ngemuva kokuthi ehlulekile ukuphendula izingcingo. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 7121 votes
It's four more years for Trump
54% - 8211 votes
Vote
ZAR/USD
16.21
(-0.31)
ZAR/GBP
21.21
(-0.09)
ZAR/EUR
19.22
(-0.37)
ZAR/AUD
11.60
(-0.41)
ZAR/JPY
0.15
(-0.34)
Gold
1910.03
(+0.28)
Silver
24.76
(+0.32)
Platinum
888.52
(+1.05)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2366.86
(+0.43)
All Share
55474.54
(+1.24)
Top 40
50895.87
(+1.23)
Financial 15
10551.83
(+1.69)
Industrial 25
74974.34
(+1.14)
Resource 10
53419.88
(+1.14)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo