OwaKwaMsane ubhekene nelokudlwengula ingane kamakhelwane

kwaMsane - Owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala uboshelwa icala lokudlwengula ingane kamakhelwane.

Lokhu kwenzeka endaweni yaKwaMsane ngaphandle kwaseMtubatuba.

Ngokusho kwamaphoyisa, lo mlisa kuthiwa wanukubeza le ngane eneminyaka engu-8 ubudala ngokocansi esikhotheni ngoMgqibelo emini.

Kuthiwa le ngane yayiyozikhulula kulesi sikhotha esiseduze komuzi wakubo ngesikhathi ihlaselwa.

Iphephandaba lomphakathi iZululand Observer libika ukuthi le ngane itshele amaphoyisa ukuthi umsolwa wayehleli esihlahleni ngesikhathi emubona.

OLUNYE UDABA:BUKA: Ugeqa amagula owanukubezwa ngabaholi bebandla lasePitoli

Umsowla waphoqa le ngane ukuba ikhumule izimpahla wase eyayidlwengula, wayitshela ukuthi uzoyibulala uma ingabikela umama wayo ngalesi sehlakalo.

Yize yayigcwele ukwesaba, yababikela abazali bayo ngesigameko nokuyibona abaphuthuma emaphoyiseni beyovula icala.

Umsolwa waboshwa ngeSonto ekubo.

Lesi sigameko silandela esinye esenzeka enganeni eneminyaka engu-12 ubudala eyadlwengulwa yilungu lomndeni, khona kule ndawo.

Kulokhu, le ngane yabikela umama wayo ngokumbhalela incwadi ibika ngokunukubezwa yilungu lomndeni. Kule ncwadi, ingane yaveza ukuthi eminyakeni emihlanu eyedlule yadlwengulwa yisihlobo.

Umsolwa akakabanjwa kanti amaphoyisa asezithendeni zakhe.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 7512 votes
It's four more years for Trump
53% - 8639 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(-0.10)
ZAR/GBP
21.11
(-0.12)
ZAR/EUR
19.19
(-0.12)
ZAR/AUD
11.55
(-0.13)
ZAR/JPY
0.15
(-0.14)
Gold
1901.55
(+0.01)
Silver
24.57
(+0.10)
Platinum
902.03
(+0.40)
Brent Crude
41.85
(-1.66)
Palladium
2378.04
(+0.61)
All Share
55339.58
(+0.99)
Top 40
50692.28
(+0.83)
Financial 15
10790.70
(+3.99)
Industrial 25
74905.70
(+1.05)
Resource 10
52561.57
(-0.49)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo