Owenza uGrade 8 ucishe wabelethela ethoyilethi esikoleni

Johannesburg - Othisha nabafundi besikole iKhudungane Secondary bebeshaqekile ngoMsombuluko ngesikhathi omunye wabafundi ecishe ebelethela ethoyilethi.

Okushaqisa kakhulu ukuthi lo mfundi ufunda uGrade 8 kanti uqede esikoleni samabanga aphansi ngonyaka ophelile.

Ngokusho kwabanye abafundi besikole esiseGa-Raphahlelo eSekgosese, eLimpopo le ntombazane Ibiya njalo esikoleni selokhu kuvulwe izikole.

NgoMsombuluko ikhale ngezinhlungu esiswini yacela ukuya ethoyilethi.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owagwaza udadewabo okhulelwe

Omunye umfundi uthe uthisha uqale ukukhatahzeka ngesikhathi lo mfundi engasabuyi ethoyilethi.

“Ngemuva kwemizuzwana abanye abafundi abebeye ethoyilethi babuye ngejubane bememza bethi uyateta.”

Uthisha utshele abeDaily Sun ukuthi: “Ngesikhathi othisha bengena ethoyilethi bafice lo mfundi opha esekulungele ukubeletha.”

Kubizwe i-ambulensi kodwa yathatha isikhathi ukufika base beyisiza bayibelethisa.

Ngenhlanhla kwafika abosizo lokuqala bamphuthumisa esibhedlela.

Ilungu lebhodi elingamele isikole lithe: "Siphoxekile ngokwenzekile, asifuni ukukubona kuphinde kwenzeka."

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eLimpopo uDkt Naledzani Rasila uthe: "Isikole simamukele ngoba naye kufanele afunde kodwa sisola abazali ngokungamunakekeli lo mfundi esimeni akuso. Bekufanele bamubone bangamvumeli ukuba aye esikoleni."

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

 


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
7% - 988 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1875 votes
Have no interest in spending more money this year?
79% - 10532 votes
Vote
ZAR/USD
15.20
(-0.63)
ZAR/GBP
20.32
(-0.46)
ZAR/EUR
18.12
(-0.61)
ZAR/AUD
11.20
(-0.63)
ZAR/JPY
0.15
(-0.78)
Gold
1809.97
(+0.12)
Silver
23.29
(-0.15)
Platinum
963.00
(+0.40)
Brent Crude
48.73
(+1.57)
Palladium
2369.00
(+2.47)
All Share
57923.69
(+0.31)
Top 40
53084.13
(+0.27)
Financial 15
11645.28
(+0.04)
Industrial 25
79993.34
(+0.20)
Resource 10
52790.93
(+0.35)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo