Bergville - Kudutshulwe kwabulawa owesifazane oneminyaka engu-62 ubudala eBergville.
Lo wesifazane uhlonzwe ngelikaHlaleleni Layi Mazibuko ubehlezi egcekeni lakwakhe ngesikhathi edutshulwa.
UMazibuko udutshulwe amahlandla angu-11 washiywa kanjalo edindilize phansi.
OLUNYE UDABA: Owesifazane udutshulwe amahlandla angu-11 eBergville
Ngokusho kwekhansela lendawo, uKenneth Simelane, izakhamizi zikholwa wukuthi ukubulawa kwalo wesifazane kuhlobene nokuthakatha.
"Kukholakala ukuthi amalungu omphakathi athi lo wesifazane ubesolwa ngabamhlaselile ngokuthakatha eminyakeni engu-20 edlule ukuxazulula inkinga. Umndeni ayewuthakatha nguwo uziphindisele ngoLwesine ngokumdubula amahlandla angu-11," kusho izakhamizi.
Kufanele ifundiswe imiphakathi yethu ngalesenzo esibi sobusathane klanti futhi siyawunxusa ukuba uxoxisane nokubulalana," kusho ikhansela.
Akwaziwa ukuthi lo wesifazane wathakatha banti nokuthi kungani umndeni walinda iminyaka engu-20 ukuziphindiselela.
Ngokwamaphoyisa kuphenywa icala lokubulala.
"Imbangela yokubulala ayikacaci," kusho okhulumela amaphoyisa uCharmaine Struwig, kubika iLadysmithgazette.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter