Bulawayo - Izakhamizi zaseNsuza eMatabeleland North zithuke zoma ngemuva kokuba owesifazane oyisakhamuzi etholwa nebhodwe eligcwele igazi labantu.
Kuthiwa igazi ngelabantu abaningi asebashona, okwenze iningi lisabe ukuthi kuyathakathwa.
Ngokombiko weMthunywa lo wesifazane uhlonzwe ngelikaNakaManginga.
OLUNYE UDABA: Bavumeleni abantwana babuzwe utshwala umfundisi
Umelaphi wendabuko owaziwa ngelikaMaravaza nguye omkhuphile.
UMkhuleko Ndlovu onguvakazi uthe , "Ngezwa uMaravaza esememeza ethi akayolanda ibhodwe.
"UNakaManginga wayeginqika phansi ethi ayikho into okufanele ayilande.
"Wathelwa ngamanzi angcwele wavuka wase egijima eyemzini wakhe.
"Wabuya esegodle ibhodwe elicwebezelayo, kwathiwa akalivule.
"Wanqaba wathi uyesaba."
Yize kunjalo uMaravaza walivula lo wesifazane wavele wathi useyahlanya.
"Wabe esethi useshiywe yizingqondo, ethi uphuze igazi eliningi labantu," kusho lo fakazi etshela abeBulawayo24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter