Rustenburg – Owesilisa oneminyaka engu-25 ubudala odabuka kwelaseZimbabwe uboshelwe icala lokubulala, kubika i-eNCA
Lo mlisa ugcinwe esitokisini esiteshini samaphoyisa esise-Zeerust ngelokugenca abulale intombi ngembazo.
Ngokusho kukaColonel Sabata Mokgwabone uthe le ndoda yaboshwa ngoMsombuluko.
Funda nalolu daba:Ugence imbangi ngocelemba belwela intombi
“Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko, athi efika abona owesimame elele edamini legazi namanxeba emzimbeni wonke,” Mokgwabone.
“Kubikwe ukuthi umsolwa ubethembise isisulu umshado kanti bebexabana ngesikhathi umsolwa ethatha imbazo egenca le ngoduso yakhe.”
Abosizo lokuqala bafike bathola lo wesimame eseshonile kanti umsolwa uzovela enkantolo kaMantshi eZeerust ngoLwesithathu.