eBulawayo - Owesilisa waseGokwe usolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka eyisithupha, kubika iBulawayo24.
Kuthiwa lo mlisa ucathamele lengane ilele nomzala wayo ngesikhathi kunomlindelo.
Lo mlisa ogama lakhe nguDiverson Were wasendaweni yaseZhangazha uvele ngaphambi kweMantshi uChristopher Maturure ebhekene namacala amabili okudlwengula.
Lo mlisa akabuzwanga ukuthi uyaliphika noma uyalivuma icala kodwa lihlehliselwe umhlaka 12 kwephezulu.
OLUNYE UDABA: Uphindiselwe ejele ngecala lokweba okhishwe ngoshwele
Inkantolo izwe ngalesi sigameko esenzeke ngonyaka ophelile ngesikhathi kunomlindelo womgcwabo.
Kuthiwa umsolwa ngezithuba zika-23h50 ebusuku ngesikhathi kuqhubeka umlindelo, wacathamela lengane ilele nomzala wayo wayidlwengula.