Nairobi – Owesilisa, 19, waseKenya uvuke umbhejazane wanquma izinkomo zakubo amanqina ziphila, wasika insimu yommbila kulandela ingxabano abe nayo nobaba wakhe.
Kuthiwa umndeni uthe usamangele kanjalo, lo wesilisa wazimbela ithuna watshela amalungu omndeni wakhe ukuthi akambulale bese emngcwaba kulona.
OLUNYE UDABA: Umshayeli ubulale abagibeli ngemuva kwengxabano
Abazibonele bathi lo wesilisa ube eseya ethuneni lika-anti wakhe walimba ethi ufuna ukukhipha isidumbu sakhe khona ezokhuluma naso asitshele ngalolu daba abhekene nalo.
Kuthiwa ube esetshela labo abacikwe ukuziphatha kwakhe ukuthi abambulale bese beyamngcwaba ethuneni azimbele lona.
Kumanje kuthiwa lo wesilisa ugcwele amathafa, akekho omaziyo ukuthi ukuphi.