Owesilisa wase-KZN ugixabezwe udilikajele ngokudlwengula umshana

Durban – Umalume waKwaZulu-Natal ugixabezwe ngodilikajele kulandela ukulahlwa yicala lokudlwengula umshana wakhe oneminyaka eyisithupha ubudala ngo-2016, kusho amaphoyisa.

Le ndoda, 30, igwetshwe eNkantolo yesiFunda yaseMthunzini ngoMsombuluko kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane.

"Kusolakala ukuthi gomhlaka-30 Agasti ummangalelwa wathuma umshana wakhe ukuba ayomshajela umakhalekhukhwini wakhe kamakhelwane.

“Kwathi umshana esendleleni ebuyela ekhaya, ummangalelwa wayesevele emcuthele endleleni wabe eseyamphoqa ukuba angene esikhotheni esiseduze kwendlela wabe eseyamdlwengula,” kusho uZwane.

OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili umfundisi osolwa ngelokudlwengula

Umfowabo waba nokusola ngemuva kokumbona nale ntombazanyana bephuma esikhotheni, kusho uZwane.

"Ugogo wale ngane wabe eseyibuza ukuthi kwenzekeni, ingane yagonyuluka ngokuyehlele,” kuchaza uZwane.

IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor-General Bheki Langa usamukele lesi sigwebo.

“Abantu besilisa abahlukumezyo abanayo indawo emphakathini. Sizoqinisekisa ukuthi abenzi bokubi babolela ejele,” esho.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6939 votes
It's four more years for Trump
54% - 8064 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(-0.07)
ZAR/GBP
21.18
(+0.06)
ZAR/EUR
19.14
(+0.04)
ZAR/AUD
11.55
(+0.01)
ZAR/JPY
0.15
(-0.07)
Gold
1908.00
(+0.18)
Silver
24.70
(+0.07)
Platinum
883.66
(+0.61)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2379.00
(+1.02)
All Share
55170.19
(+0.68)
Top 40
50664.75
(+0.77)
Financial 15
10439.52
(+0.61)
Industrial 25
74799.73
(+0.90)
Resource 10
53109.51
(+0.55)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo