Durban - UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi uphenya izinsolo zothisha "oyisipoki" esikoleni esisenyakatho naKwaZulu-Natal.
le mibiko ethi kunomuntu ongafundisi esikolebi eSojiyisa High KwaNongoma kodwa uhola zinyanga zonke, isabalale izolo.
OLUNYE UDABA: 'Ingamampunge eyokuthi uSenzo Meyiwa uyapoka'
Kuzwakale ukuthi lo thisha unanesikhundla esiphezulu sokuba yiPhini likathishanhloko kulesi sikole.
Isikhulumi uMuzi Mhlambi uthe abakwazi ukuphawula ngalolu daba ukuba ngabe lubandakanyeka odabeni lakamuva olusalinde ukuphenywa lwemisebenzi ekhokhelwayo.
"Lolu daba sizolubhekisisa, sithole ukuthi ngubani ofake lo muntu kumakhompyutha, sithole nokuthi ukuphi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter