Kimberley – Ayikatholakali imali engango-R36 miliyoni eyebiwa emahhovisi enkampani i-G4S Security ekuqaleni kwalo nyaka, kubika iDiamond Fields Advertiser.
Lokhu kuvele ngesikhathi abasolwa abangu-8 ababhekene necala lokweba le mali befaka isicelo sebheyili enkantolo kaMantshi eKimberley Magistrate.
Funda nalolu daba:'Ubulalise umkakhe ngoba efuna imali'
UColonel Dick de Waal wophiko loKlebe okunguyena obephenya ngaleli cala utshele inkantolo ukuthi abasolwa abanganikwa ibheyili njengoba kusanezigidi zamarandi ezingakatholakali.
UDe Waa uthi kwebiwa imali engango-R36 miliyoni, isibhamu sohlobo lwe-38 revolver, amakhadi okungena kulamahhovisi kanye nomakhalekhukhwini wale nkampani.