Ozenza uMgqumeni uzogwetshwa ngoMashi

Pietermaritzburg - Kuhlehlisiwe ukulalelwa kwesigwebo ecaleni likaS'busiso Gcabashe, indoda ezenza lowo owayeyisihlabani somculo kamaskande uKhulekani Mgqumeni Khumalo.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba uGcabashe eshintshe ummeli.  UGcabashe utshele iMantshi uRose Mogwera ukuthi ummeli wakhe, uJohan Botha, usehluleke izikhawu ezintathu ukummel ecaleni lakhe.

Ukulalelwa kwecala kuhlehliswe eNkantolo yasePietermaritzburg NgoLwesithathu ngesikhathi kusalindwe ilungu lomndeni ukuba liveze ubufakazi bokuthi uBotha wakhokhelwa ngomsebenzi wakhe.

Ngonyaka ophelile uGcabashe watholwa enamacala amahlanu okudlwengula, elokushaya, elokuthumba, elokuzama ukweqa esitokisini nelokuzenza uMgqumeni.

OLUNYE UDABA: Umndeni wesihlabani sikamaskandi ufuna kumbiwe ithuna

Imantshi bekufanele ilihlehlise icala imizuzu embalwa njengoba bekusalindwe umalume kaGcabashe uDalingcebo Khumalo ukuba aqinisekisa ukuthi uBotha wakhokhelwa.

UMalume uKhumalo utshele inkantolo ukuthi kube nokungaboningaso linye noBotha nabomndeni. Ukhumalo uphinde wathi uBotha wavumelana nabomndeni ukuthi uzobe ekhona enkantolo uma esevela futhi uGcabashe. Imansthi ibe isithi uGcabashe engamelwa wummeli wesihe uma efisa.

UGcabashe wabangundabezekwayo ngonyaka wango-2012 ngokuzenza uMgqumeni. Abalandeli bakaMgqumeni babuthelana eNquthu ukuyobona le ndoda evuke ekufeni.

UGcabashe waboshwa ngalolo suku ngemuva kokuvela etseji ethi unguMgqumeni owayenziwe umkhovu kodwa wavuka ekufeni. Ngemuva kokuboshwa kwavela uhide lwamacala.

Kuze kube yinamuhla uGcabashe usathi unguMgqumeni, kubika i-SABC.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 44 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
25% - 84 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
61% - 203 votes
Vote
ZAR/USD
15.20
(+0.06)
ZAR/GBP
20.25
(+0.28)
ZAR/EUR
18.12
(-0.01)
ZAR/AUD
11.20
(-0.10)
ZAR/JPY
0.15
(-0.01)
Gold
1806.93
(-0.09)
Silver
23.22
(+0.19)
Platinum
957.64
(+0.15)
Brent Crude
47.75
(-1.52)
Palladium
2373.01
(+0.72)
All Share
57731.52
(-0.33)
Top 40
52941.58
(-0.27)
Financial 15
11695.22
(+0.43)
Industrial 25
79641.63
(-0.44)
Resource 10
52508.29
(-0.54)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo