Johannesburg – UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uthi udumele kakhulu njengoba sekuphinde kwangqongqiswa esinye isikole ngomlilo eVuwani, eLimpopo.
Lokhu kuza njengoba abafundi kulindeleke ukuba babuyele esikoleni namhlanje (ngoLwesithathu).
Ukufunda kuleya ndawo kwamiswa ezinyangeni ezintathu ezedlule kulandela umbhikisho owawuhambisana nodlame.
OLUNYE UDABA: Kushiswe isikole sesine eLimpopo
Kulo mbhikisho kokhelwa ngomlilo izikole ezingaphezulu kuka-20, ezinye zacekelwa phansi yibo ababhikishi.
Lesi sigameko silandela umbhikisho wezakhamuzi ngesonto eledlule zimelene nokhetho ngoba zilwela ukuthi zingafakwa ngaphansi kukaMasipala waseMalamulele.
Okhulumela uMnyango u-Elijah Mhlanga uthe lesi sigameko siyiphindisela emuva imizamo yokuthi abafundi babuyele esikoleni.