Johannesburg - Kubikwa ukuthi ukungaboni ngaso linye phakathi komdlali ofunwa yiKaizer Chiefs, uJoseph Molangoane, kanye neChippa United sekusele kancane luphothulo.
UMolangoane uyaphika ukuthi wasayina inkontileka entsha neChippa ngaphambi kokuphela kwesizini edlule.
Lo mdlali owake wagijima nakwi-Orlando Pirates kanye nabameli bakhe bamile kwelokuthi inkontileka yalo mdlali kuleli qembu lasePort Elizabeth iphele ngoJuni.
Lo mdlali usebabele kwiPSL Dispute Resolution Chamber ukuba kubeyiyona ezocacisa ngalolu daba, kubika iSoccerLaduma.
Funda nalolu daba: Sibonakele isikhala sikaMathoho
Lo mdlali ubezilolonga neChiefs kodwa leli qembu laseNaturena lammisa ngokuhamba kwesikhathi ngenxa yalolu daba.
Ngokwemithombo, sekuqokwe ongoti bemibhalo yesandla ukuba babhekisise ukuthi i-signature ngabe ekaMolangoane yini njengokusho kweChippa.
Imithombo ithi ngemuva kwalokho lolu daba luzobuyela phambi kwePSL DRC ukuba luphothulwe.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.