Durban – Sekuqubuke izinsolo zokuthi ukubulawa kukathishanhloko waseMpumelelweni Primary School, eMlazi, kumayelana nengxabano yamatekisi.
UNhlanhla Mhlongo, 52, ubulawe ngoLwesithathu emini ngentululwane yezinhlamvu esanda kuphuma esikoleni, kubika iSolezwe.
UMhlongo kuthiwa wavinjezelwa abantu ababehamba nge-VW Polo ababe sebevulela ngenhlamvu, wathi uyaphindisela ngesibhamu sakhe kwasho ukuthi uselimele.
Wabe eseshonela endaweni yesigameko.
OLUNYE UDABA: Indida kubulawa uthishanhloko eMlazi
Umfowabo kamufi uMzomuhle Mhlongo uthe basola ukuthi umfowabo ubulawe ngenxa yengxabano kwezamatekisi njengoba ebenguMgcinimafa komunye usoseshini waseNdwedwe.
Umufi ubenamatekisi amathathu kulo soseshini abenesikhundla kuwo.
Uthe bekukhona abantu abebesongela umfowabo ngaphambi kokuthi abulawe.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.