Rio de Janeiro – Njengoba esephothulwa ama-Olympic eRio, iNingizimu Afrika ibheke indondo yokugcina kumsubathi wakuleli webanga lika-800m, uCaster Semenya.
USemenya useke waba sematheni njengoba isiphinde yaqala phansi eyabantu abamgxekayo abathi akumele aqhudelane nabantu besifazane ngenxa yokuthi aphezulu kakhulu amazing e-testosterone emzimbeni wakhe.
Le nkulumompikiswano iphinde yavuka futhi ngesikhathi umengameli we-IAAF uSebastian Coe ebuza ngobuqotho besinqumo seCourt of Arbitration for Sport (CAS) sokuthi iyekwe eyokulawulwa kwe-testosterone kubasubathi besifazane.
OLUNYE UDABA: USemenya ubonge abalandeli bakhe ngokumeseka
USemenya ukwenze kwabukeka kulula ukugijima leli banga ngesikhathi engenele eyokuhlunga, waphuma phambili.
Nokho umengameli weSASCOC uGideon Sam uqinisekisile ukuthi ubelokhu exhumana noSemenya, waveza ukuthi ulindele noma yini kowamanqamu.
“Ungitshele ukuthi wayeyingane ngaleso sikhathi kuqubuka impikiswano ngobulili bakhe, manje usekhulile futhi uyakwazi akufunayo,” kusho uSam.