Durban – Kushone okungenani abantu abayisithupha ngenxa yezikhukhula ezidalwe ukunetha kwezimvula ezinkulu eThekwini ngoLwesibili.
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukhiphe isitatimende waqinisekisa ukuthi kuwe udonga ePrince Mshiyeni Memorial Hospital, eMlazi, kwashona abantu ababili, kubika i-Independent on Saturday.
Ngaphambilini, kubikwe ukuthi kushone iphoyisa elicindezelwe yisiqukathi emtateni izolo. ENquthu kushone ingane yentombazane, 8, ngemuva kokushaywa umbani. Endaweni yaKwaMngxangala, khona eNquthu, kushone owesilisa, 46, ngemuva kokuthi eminzile ewela umfula.
OLUNYE UDABA: Kumuke ingane ezikhukhuleni eMlazi
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-EMS uRobert McKenzie uqinisekise ukuthi umuntu wesihlanu, okungumfanyana, 12, umuke eZinqoleni, ngasePort Shepstone.
UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uDkt Sibongiseni Dhlomo uthe le mvula idale umonakalo omkhulu ezikhungweni zezempilo ezehlukene.
“Ngebhadi eMshiyeni kuwe udonga lwabulala iziguli ezimbili kwathi ezinye ezimbili zalimala kabi,” kusho uDhlomo.
Ezinye izibhedlela ezithikamezekile kubalwa i-RK Khan, iSt Aidans, iWentworth, iKing Edward, kanye ne-Addington.