Durban – Isifundazwe saKwaZulu-Natal sisasezandleni ze-African National Congress, njengoba ikwazile ukwenyusa amavoti okhethweni lwangoLwesithathu.
Leli qembu lithole u-57.48% wamavoti kanti okhethweni lomasipala lwango-20111 lathola u-56.79.
Senyukile nesibalo sabavotele i-ANC sisuka kubantu abangu-3.184 million safinyelelwa kwabangu-3.728 million.
Funda nalolu daba: Inyuvesi isihlonze abafundi abashisa isikhungo
Nakwabanye omasipala sinyukile futhi isibalo sabavotele i-ANC, ikakhulukazi eNewcastle.
EMsunduzi, senyuke kancane khona isibalo sabavotele leli qembu.
Kodwa noma kunjalo mancane amathuba okuba bande omasipala abazoholwa yileli qembu.
- ANA
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.