Brasilia - Umgadli uLebogang Mothiba ukholelwa ukuthi iqembu lika-U23 laseNingizimu Afrika lisethubeni elihle lokuthola amaphuzu amathathu uma selibhekene neDenmark emdlalweni wabo olandelayo kuma-Olympic.
Lamazwe azobhekana eMane Garrincha Stadium eBrasilia phakathi kwamabili ngokweiskhathi saseNingizimu Afrika.
INingizimu Afrika yadlala kahle kakhulu ngesikhathi ibhekene neBrazil ngoLwesine isidlala ingasaphelele ngemuva kokuba uMothobi Mvala ekhishwe ngekhadi elibomvu.
IDenmark nayo yadlala ngokulingana ne-Iraq.
Funda nalolu daba: Kumele sinqobe nakanjani - OweBanyana
“Ngaphandle ngokuyithatha kancane iDenmark, idlala ibhola lase-Europe. Isebenzisa abagadli abade isikhathi esiningi badlala ibhola eliphezulu. Kodwa ngabadlali esinabo emuva singakwazi ukumenlana nabo,” kusho uMothiba, kubika iKickOff.com.
“Ngakolunye uhlangothi, ibhola laseNingizimu Afrika liyashesha futhi linezitayela. Ngakho ngikholelwa ukuthi sinethemba lokwenza kahle.”
“Kumele siqhubeke lapho sigcine khona ngesikhathi sidlala neBrazil. Indlela esadlala ngayo iyancomeka, ngakho uma singanyusa kancane izinga singaphumelela.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.