Johannesburg - “UWinnie Madikizela-Mandela wayekwazi ukusitshela ngokulungile nangokungalungile sonke isikhathi.” Lena yindlela usihlalo we-ANC uGwede Mantashe achaze ngayo leli qhawe elilale okokugcina ngoMsombuluko kulandela ukuxinwa ukugula.
I-African National Congress, yilabo ebebemele umndeni kaMadikizela-Mandela nebandla lamaWeseli bakhulume nabezindaba ngoMsombuluko ntambama kulandela ukushona kwakhe.
“Ungomunye walabo abebengathuli uma kukhona okuhamba kahle noma kukhona okonakele. Sizokukhumbula lokho, ngoba awubi nje yiqhawe ngenxa yomzabalazo, kodwa nangenxa yezeluleko. Sizozikhumbula izeluleko zakhe,” kusho uMantashe.
OLUNYE UDABA: Uzongcwatshwa ngokohlelo lukahulumeni uMama weSizwe
UNobhala Jikelele we-ANC u-Ace uhambe emazwini kaMagashule, wathi impilo yakhe yonke uMadikizela-Mandela ulwele ukwenza ngcono impilo yabantu.
Ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC uJeff Radebe, ekhulumela umndeni, uthe bayabonga kakhulu ngempilo yakhe.
UBhishobhi webandla lamaWeseli uGary Rivas uthe uthandaze kanye noMama uWinnie ngaphambi kokuba ashone.
"Usuku lwePhasika uluchithele enkonzweni yethu eSoweto. Njengoba iningi lenu lazi, ubesahlala eSoweto futhi ubekhonza eSoweto, ngisho nangeSonto [ubekhona],” kusho uRivas.