eGoli - Izihlobo kanye nabangani bomculi ogwetshwelwe icala lokudlwengula uSipho Charles Ndlovu, odume ngelikaBrickz bazimisele ukumesika.
Bathi bazimisele ukuvusa kanye nokubuyisa isithunzi salo mculi njengoba eshishwe ngebheyili.
INkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoLwesihlanu inike lo mcimbi ibheyili ka-R80 000 njengoba kusalindwe isinqumo sokudlulisa ukutholakala kwakhe enecala lokudlwengula
Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo, umfowabo uGrey Mafumbu, uthe umndeni ukuthokozela ukubuya kwakhe futhi bazomamukela ngezandla ezifudumele.
OLUNYE UDABA: UBrickz udedelwe ngebheyili ka-R80k
"Sibonga kakhulu kwithimba labammeli bakhe okuyilona elisebenze ngokuzikhandla futhi labonisa nokukhulu ukuzimisela kulokhu ngaleli cala.
Konke kuhamba kahle okwamanje,"kusho uMafumbu.
Umfowabo kaBrickz uthi okubaluleke kakhulu okwamanje wukuthi asukume azithintithe avuse isithunzi sakhe futhi aphokophelele phambili.
Uthi ukholelwa ekutheni umfowabo umsulwa futhi kulokhu bazoqinisekisa ukuthi amaqiniso ahlala obala enkantolo.