Durban - Usehlala emqashweni unkosikazi kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Nhleko ngemuva kokuba ungqongqoshe eyalele amaphoyisa ukuba amkhiphe emzini wabo.
Lezi zinsolo zidalulwe ngumngani walezi zithandani.
Umthombo uthe, ngoJuni amaphoyisa akhiphe unkosikazi kaNhleko uNothando Nkomo, 31, emzini wabo oKwaZulu-Natal osoNgoye ngaphandle kwaselokishini KwaDlangezwa kanti manje useqala emqashweni.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owakhuluma ngeyokuphinga
UNothando washada owesizulu noHleko ngoNovemba 2014 ehholo iBhekuzulu e-University of Zululand.
Abangani balezi zithandani batshele iphephandaba iSunday Sun ukuthi izinkinga zikaNothando zaqala ngesikhathi esenezinyanga eziyisithupha ezithwele.
Omunye umthombo uthe: "Wathola ukuthi uNhleko uyaphinga nomsunguli we-Ndoni Cultural Event, uDr Nomcebo Mthembu.
'Yilapho ke uNhleko aqala khona ukumhlukumeza. Wazama konke ukuhlenga umshado wabo kodwa uNhleko akezwa mshini ngesithandwa sakhe esisha."
Lo mngani uphinde wathi uNothando wakhishwa ngamaphoyisa emzini wakhe wahanjiswa efulethini eliseMpangeni. Kodwa kwadingeka ukuthi aphume kulo ngoba wayehlalisene nabanye abantu abathathu.
Omunye umthombo uthe: "Sikhathazekile ngongqomgqoshe osebenzisa ukwaziwa kwakhe ukuhlukumeza uNothando. Angase aboshelwe izinto angazazi.
'NgoJuni wavulelwa icala lokuhlukumeza esiteshini samaphoyisa aseMpangeni.
"Icala liphethwe umshushisi ophezulu waseMpangeni.
"UNhleko noMthembu bafuna uNothando aboshwe khona bezoshada kahle ngaphandle kwemvume yakhe."
ISundaye Sun iphinde yathola ukuthi uNhleko usemphucile uNothando izimoto abehamba ngazo ezimbili iLand Rover neLand Cruiser.
"Usegibela amatekisi," kusho umngani ophinde wathi lo ngqongqoshe akazange amkhokhele nasesikoleni.
Ithimba laleli phephandaba limfune laze lamthola uNothando lamthola emqashweni, waqinisekisa zonke izinsolo.
UNomcebo akatholakalanga ephawula.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter