Mbombela – “Ngilahlekelwe yisithandwa sempilo yami,” kusho uManna Delport, 30, ngemuva kokuqinisekisa ukuthi unkosikazi wakhe uCandice, 27, ushone ehamba neshende lakhe.
INetwerk24 ibike ukuthi le ndiza ehlala abantu abane iphahlazeke eDoringkop, eMpumalanga, ngemuva kokusuka phansi eKomati Gorge Lodge.
Kuthiwa le ndiza bekungekaHerklaas Smith, ishende likaCandice, kanti nguye obeyishayela.
U-Ernst Labushagne, ongumzala kaSmith, naye ushonile kule ngozi.
OLUNYE UDABA: Kushone abane kuphahlazeka ibhanoyi
“Bengisebenza amahora amaningi nokuyikho okuze kwaholela ekutheni izinto zingahambi kahle phakathi kwami noCandice, wagcina esejola noHerklaas,” kusho uDelport.
Kuthiwa uCandice ubesehlala nomndeni wakhe kepha bebengakahlukanisi noDelport.
Lezi zithandani zinengane yentombazane eneminyaka emithathu ubudala.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthe le ndiza iphahlazeke yagqamuka amalangabu.