Ubeyindoda elungile futhi eneqiniso usopolitiki obulewe e-KZN - Umndeni

Umndeni kasopolitiki we-ANC obulewe wesifunda iLower South Coast, uSifiso Cele, uthi umufi bekungamele ashone ngesihluku esingaka.

Indodakazi yakhe angayizali, uMbali Chemane, utshele abezindaba ngaphandle komuzi kamama wakhe ukuthi uCele, obenguMgcinimafa wegatsha lasoShabeni, ubezithobile futhi eyindoda eqotho.

"Sesiphile isikhathi eside naye, ngeke uze usho nokuthi ubengangizali. Le nto eyenzekile yimbi kakhuulu."

Uqhube ngokuthi uCele akazange awalwise amadoda angene emzini wakhe, kepha esikhundleni salokho wenze konke abekusho.

"USifiso akazange alwe. Ubephakamise izandla sonke isikhathi. Akazange akhulume ngisho igama elilodwa. Umama uthi ngisho esedutshulwa kane akazange akhale."

UNgqongqoshe wezamaPhoyisa uBheki Cele ujube ithimba loKlebe, eleCrime Intelligence neleProvincial Task Team for Political Killings esiteshini samaphoyisa aseMargate ngoLwesibili ukuba libe yingxenye yophenyo.

UCele ubulawe esemzini kamama kaChemane ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi umndeni uvuka ulungiselela ukuqala usuku.

Kube sekugasela oshayasibhamu ababili kulo muzi, bavalela umsizi wasendlini uphathina kaCele, uLinky Chemane, kanye nezingane ezimbili, egumbini lokugezela.

La madoda athathe omakhalekhukhwini nemali, kepha uCele ahlala naye egumbini lokulala abe eseyamdubula amahlandla amane.

Ungqongqoshe uthe amaphoyisa asola ukuthi isigameko sokugebenga "besidunga umkhondo" wezinhloso zokubulawa kukaCele.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 1900 votes
Yes, at work
17% - 583 votes
No, I've never experienced this
28% - 968 votes
Vote
USD/ZAR
14.24
(-0.6)
GBP/ZAR
19.88
(+0.3)
EUR/ZAR
17.12
(-0.2)
AUD/ZAR
11.06
(-0.1)
JPY/ZAR
0.13
(-0.2)
Gold
1,772.06
(-0.3)
Silver
25.82
(-0.6)
Platinum
1,215.00
(+0.9)
Brent Crude
66.77
(-0.3)
Palladium
2,813.00
(+1.2)
All Share
68,275
(-0.6)
Top 40
62,545
(-0.6)
Financial 15
12,404
(-0.3)
Industrial 25
88,619
(-0.8)
Resource 10
70,123
(-0.3)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo