Ubhekene nosizi uyise wesitobha se-Downs

Durban - Ubhekene nosizi uyise wesitobha seMamelodi Sundowns esiphila ngokubolekiswa emakilabhini ehlukene agijima kwi-Absa Premiership.

UKwanda Mngonyama oyisitobha seDowns uphila ngokubolekiswa selokhu anyuselwa esikimini esikhulu sale kilabhu. Kumasizini edlule ubedlala kwiMaritzburg United abetshelekiswe kuyona. Nokho kule sizini ufana nefenisha kule kilabhu njengoba ejima kodwa elizwa ngendaba ijezi.;

UPitso "Jingles" Mosimane ongumqeqeshi weDowns walibeka ngesihloko ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi lo mdlali akekho ezinhlelweni zakhe. IDowns inqabile ukumbolekisa kule sizini yathi izomudedela kuphela nxa kukhona ofuna ukumthenga.

OLUNYE UDABA:Sibhekene nesikhathi esinzima: owePirates

Lokhu sekwenze uSibongiseni Mngonyama onguyise kaKwanda wakhihla isililo ngesimo sendodana yakhe njengoba ebona sengathi liyashabalala ikusasa layo kunobhutshuzwayo.

USibongiseni utshele ILANGA LangeSonto ukuthi ukhathazekile ngendodana yakhe. Uthi kunzima nokuthi axhuane nayo ngoba uyayazi ukuthi kayikuthandi ukukhuluma.

"Uma ngicabanga isimo indodana yami ekusona kuvele kuhlengezele izinyembezi. Ngimkhulise kanzima kakhulu ngamfundisa nenhlonipho. Ngiyazi ukuthi le nto iyamhlukumeza. Besihlale sihambela imidlalo yasekhaya yeMaritzburg United ukuyomeseka.

"Namuhla abantu bangakithi eXopo ebengihamba nabo ukuyoseka uKwanda eMgungundlovu bayangibuza ukuthi kwenzekani, kangazi ukuthi kumele ngithini. Ngihlukumezeke kakhulu kwazise kudala ngiwa ngivuka naye ukuze aphumelele kunobhutshuzwayo, ngimhambisa iTheku lonke ukumvulela amathuba.

"Ngiyabonga kakhulu iSundowns ngethuba emnike lona imfaka ebholeni elikhokhelayo, kodwa ngiyazicelela ezikhulwini zayo ukuba zimkhulule, ajoyine ikilabhu azothola ithuba lokuzibonakalisa kuyona ukuze avulekelwe nangamathuba kwiBafana Bafana ngoba iminyaka yakhe iyahamba kayimile," kubalisa uSibongiseni.

UThulani "TT" Thuswa wezokuxhumana kwiDowns, uthunyelelwe imibuzo ukuthi senza lolu daba kwazise akekho kuleli useMorocco. Ukuqinisekisile ukuthi imibuzo uyitholile. Kushaye isikhathi sokuloba engakaphenduli.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 2916 votes
Yes, at work
17% - 899 votes
No, I've never experienced this
27% - 1441 votes
Vote
USD/ZAR
14.33
(+0.3)
GBP/ZAR
19.95
(+0.3)
EUR/ZAR
17.23
(+0.6)
AUD/ZAR
11.04
(+0.1)
JPY/ZAR
0.13
(+0.7)
Gold
1,777.41
(+0.3)
Silver
25.80
(-0.1)
Platinum
1,188.50
(-1.8)
Brent Crude
67.05
(+0.4)
Palladium
2,766.50
(-1.8)
All Share
66,836
(-1.9)
Top 40
61,117
(-1.9)
Financial 15
12,162
(-2.1)
Industrial 25
86,452
(-2.1)
Resource 10
68,586
(-1.7)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo