Johannesburg – Umfundi wesilisa oneminyaka engu-19 ubudala ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokubulala abefunda naye eKhutsong, entshonalanga yeGoli.
Kukholakala ukuthi lo mfana ugwazwe afunda naye ngoLwesine kulandela ukuqubuka kwengxabano ngesikhathi sekhefu.
Isisulu sigwazwe esifubeni sashonela endaweni yesigameko.
OLUNYE UDABA: Umfundi, 15, ugwaze omunye ngo-okapi
Amaphoyisa athi akholelwa ukuthi lesi sigameko sihlobene nodlame lwamaqembu ezigelekeqe eKhutsong, okuthiwa ludlule nemiphefumulo yabantu ababili ngenyanga eyedlule.
Owamaphoyisa uLieutenant Kay Makhubela uthe kuyethusa kakhulu ukubulawa kwalo mfundi.
“Isikole sesibamisile bonke abafundi abasolwa ngokuba semaqenjini ezigelekeqe.”
Umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo kungekudala.