Abuja – Umfundisi wesifazane, 54, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela e-Ogun, eNigeria, ngezinsolo zokudayisisa abantu besifazane ngomzimba emagcekeni esonto.
Lo mfundisikazi, u-Idowu Olupinla, webandla iCherubim and Seraphim Church kuthiwa uhlela amadoda azolala nalezi zingane ezineminyaka engu-14 kuya ku-16 ubudala bese ethola imali.
Ngokombiko weNaij, enye yala mantombazane asephendulwe izigqila ocansi ithe iningi labo liqhamuka amekhaya abhedayo.
Le ngane iqhuba ngokuthi baphathwa kanje ngoba nakhu beswele indawo yokukhoselisa amakhanda.
OLUNYE UDABA: Usekhathele ukuba yisigqila socansi odayisa ngomzimba
"Sibalelwa ku-10 esenza lo msebenzi. UMama usihlelela amakhasimende esizolala nawo bese wona ekhokha u-N500, umama uthatha u-N300 bese thina esinikeza u-N200.
“Wasakhela indlu esilala kuyo namadoda ngaphakathi esontweni,” kusho le ntombazane eneminyaka engu-16 ubudala.
Iphetha ngokuthi asemaningi amantombazane asehushule izisu khona ezokwazi ukuqhubeka nomsebenzi.
“Nami sengihushule isisu izikhawu ezinhlanu,” isho.