Johannesburg - Umculi weKwaito uSipho Charles Ndlovu, odume ngelikaBrickz, unikezwe ibheyili yiNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoLwesihlanu, njengoba kusalindwe isinqumo sokudlulisa ukutholakala kwakhe enecala lokudlwengula.
NgoJulayi 2017, le nkantolo yathola uBrickz enecala lokudlwengula intombazane, 16, emzini wakhe ngoNovemba 2013.
Ngesikhathi elahlwa yicala, yahoxiswa ibheyili ka-R50 000 ayenikezwe yona.
Wabe esegwetshwa iminyaka engu-15 ejele ngo-Okthoba nyakenye.
Nokho, uNdlovu ufuna ukuphikisa isinqumo senkantolo wase enikezwa lelo lungelo yiNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng.
OLUNYE UDABA: UBrickz uzogqunywa esitokisini aze agwetshwe
Ube esefaka isicelo sebheyili njengoba kusalindwe isinqumo sokudlulisa icala.
NgoLwesihlanu, iMantshi uJohn Baloyi umnikezile imvume yokufaka isicelo wabe esemdedela ngebheyili ka-R80 000.
Njengengxenye yemibandela yokudedelwa kwakhe, uNdlovu kumele alethe wonke amaphepha akhe okuvakasha kanye ne-passport futhi akavumelekile ukuhambela amazwe.
Futhi ngeke akwazi ukuphuma eGoli ngaphandle kokwazisa umseshi kanti kumele ayovela esiteshini samaphoyisa esiseJabulani njalo ngoMsombuluko nangoLwesithathu.